I-ANC KZN ikuphikile ukusebenzisa izinsiza zoMbuso ukulwa izimpi zepolitiki

I-African National Congress (ANC) esifundazweni KZN ikuphikile ukuthi isebenzisa izinsiza zoMbuso ukuze izozuza amaphuzu ezepolitiki. Lokhu kuvele ngeskhathi izikhulu eziphezulu zalenhlangano zethula ubufakazi kwiKhomishana kaMoerane ephenya ngodlame lwezepolitiki KZN.

NgoLwesine ubuholi be-ANC KZN baqala ukuthula ubufakazi ngezigameko zokubulala, nokuyilapho izolo iKhomishana ibipheka khona labaholi ngemibuzo.

USihlao we-ANC KZN uMnum Sihle Zikalala uthi ukusebenzisa izinsiza zoMbuso ekulweni izimpi zobuqembuqembu kungaba ukuthi bakopela lokho okwenziwa uhulumeni wobandlululo.

UZikalala uthi njalo bahlezi bezama ukuthi bezimele bengasebenzisi izinsiza izinsiza zoMbuso, nathi bahlezi beqinisekisa ukuthi basebenza ngokwabo ngaphandle kokufaka phakathi ezepolitiki.

-ECR

Sharing is caring! Tell your friend