Abasebenzi bezingcingo 10111 bazobuyela emsebenzin ngoMsombuluko.

Abasebenzi besikhungo esamukela izingcingo eziphuthumayo zamaphoyisa i-10111 kulindeleke ukuba babuyele emsebenzini ngelanga langoMsombuluko.

Inyunyana emele abasebenzi abangaphezulu kuka-700 iSouth African Police Union (SAPU) ebebetelekile, ibhalele umqashi imazisa ngesinqumo okuvunyelwane ngaso nabasebenzi ngoLwesine ebusuku. INkantolo yezabaSebenzi ngoLwesine isichithile isicelo esiphuthumayo seSAPU sokuba inqume ukuthi ngabe lesisiteleka sisemthethweni yini.

UMengameli weSAPU uMpho Kwinika uthi bazobafaka eNkantolo uma abaqashi beqhubeka nalokhu.

Kati abaphathi bamaphoyisa bathi bazoqhubeka nokuqondisa izigwegwe labo basebenzi ebebengenele isiteleka.

Sharing is caring! Tell your friend