Kubuyele esimweni esijwayelekile ukusebenza kwezinye zezitimela eKZN

Inkampani yezitimela KwaZulu-Natal iMetrorail ithi ukusebenza kwabanye ojantshi bayo bezitimela kuqalile namhlanje ekuseni.

Lokhu kuza ngemuva kokuba sekuphele isikhathi cishe esingange viki izitimela zingasebenzi kulandela isiphepho esihlasele kulesisifundazwe ngoLwesibili olwedlule.

OwakaMetrorail uIsabel van der Westhuizen uthi izitimela zizosebenza  eMlazi , KwaMashu, isogwini olusenyakatho kanye naseBridge City. UMetrorail uthi abagibeli abasuka ezindaweni lapho ojantshi bengakasebenzi khona bazohlinzekwa ngezinye zezokuthutha.

Onjiniyela bathi kungenzeka kuthathe izinyanga ezimbili ukulungisa umonakalo odaleke phakathi kwe Reunion kanye naseMkhomazi.

-ECR

Sharing is caring! Tell your friend