Umbhikisho uphenduke udlame eMkhuze

Umbhikisho uphenduke udlame endaweni yaseMkhuze lapho iqembu labasebenzi belibhikisha khona, laba sebenzi balibangise endaweni yakwanNongoma emgwaqeni onguthela wayeka uN2.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane usexwayise abashayeli bezimoto ukuba basebenzise eminye imigwaqo njengoba lomgwaqo uN2 uvalekile. uZwane uthe ababhikishi bavale imigwaqo ngamathayi avuthayo nangamatshe nokuphoqe abashayeli ukuthi ukuthi  baqaphele futhi basebenzise ezinye izindlela njengoba uLundi noNongoma kuyilapho bebhikishela khona.

Amaphoyisa uyaqhubeka nokuqapha isimo njengoba ababhikishi befuna ukunyuselwa imali kanye nezinye izidingo zabo.

Sharing is caring! Tell your friend