Lowo OwanguNgqongqoshe Wezezimali useveze ukuthi lowo oyiphini likaMengameli kumeleahole iANC

Lowo owanguNgqongqoshe wezezimali umnu Pravin Gordhan uthi angathanda ukuthi uMengameli wakuleli kube yilowo oyiPhini likaMengameli umnu Cyril Ramaphosa.

UGordhan usho kanje ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni ekapa nalapho ethe yize ihlandla likaMengameli Jacob Zuma lokuba uMengameli weANC liphelelwa yiskhathi ngoDecember kant elokuhola izwe liphela ngo2019 lapho kuzobe dekubanjwa khona ukhetho lukazwelonke, nokho uGordhan uthi ufuna uZuma ashenxe kwesokuhola izwe ungakapheli uJanuary , uthi uRamaphosa kumele athathe izintambo ngoDecember kuthi ngoJanuary aphindisele uMengameli uZuma eNkandla.

UGordhan uphethe ngokuthi ushintsho kumele liqale ngokushesha.

Sharing is caring! Tell your friend