Sebebathathu abasolwa ababulewe esigamekweni saku-N2

Durban – Sekudutshulwe kwabulawa omunye wabasolwa abazame ukubalekela ukuboshwa ngokungena ehlathini kulandela isigameko sokudubula esenzeke ku-N2.

Lokhu kubeka isibalo sabasolwa ababulewe kulesi sigameko esenzeke eduzane nakuQueen Nandi Drive. La basolwa bavinjwe behamba ngemoto eduniwe besayo bamba inkunzi.

Abasolwa babaleke ngonyawo bayongena ehlathini eliseduzane nakuQueen Nandi Drive, okwenze ukuba kuphume wonke amaphoyisa eyobafuna.

OLUNYE UDABA:Kudunwe itekisi, kwabanjwa abagibeli inkunzi eThekwini

Lesi sigameko sidale nengozi ebandakanye inqwaba yezimoto. Kutakulwe owesifazane emotweni yakhe, walashelwa ukulimala.

Okhulumela amaphoyisa, uJay Naicker, uthe amaphoyisa ancinzwe indlebe ngemoto okusolwa ukuthi iduniwe okuyiyo ezosebenza uma sekwenziwa ubugebengu.

Uthe le moto ibonwe egaraji elingakuwo lo thelawayeka.

“Ngesikhathi amaphoyisa esondela kule moto, abasolwa babalekile bayongane ku-N2. Amaphoyisa abe eseyigijimisa. Abasolwa babe sebevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyise aphindisela. Ngaleso sikhathi, abasolwa basebenzise imoto yabo ukududulela imoto yamaphoyisa komunye umgwaqo.”

Uthe kulimale amaphoyisa amabili kulesi sigameko.

Imoto ebihamba abasolwa kukholakala ukuthi idunwe eReservoir Hills ekuqaleni kwesonto.

Sharing is caring! Tell your friend