Umsakazo i-702 usobishini ngokuqhathanisa izingane ezinsundu nezinja

Durban – Umsakazo i-702 usobishini kulandela isithombe esifakwe enkundleni yezokuxhumana ubuza ukuthi yini enhle kakhulu izingane ezihambayo noma izinja.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi lo msakazo ubunomkhankaso ne-MTN obizwa nge-Walk the Talk, ngeSonto lapho abantu belwela ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesimame nezingane.

Lesi siteshi sithathe izithombe zabantu ebebeyingxenye yalo mkhankaso abanye befike nezinja zabo, abanye behamba nezingane zabo.

Kube umbhalo owodwa kuTwitter ovele yanenga abantu kwaphela nomdlandla wokuqhubeka nomkhankaso.

OLUNYE UDABA:Ubandlululo lusemi ngezinyawo kuleli – Umbono

Ngemuva kokubona izikhalazo ezimbalwa ezinkundleni, lo msakazo uvele wasikhipha lesi sithombe, kodwa umonakalo ubusuvele udalekile.

Babodwa abathi abukaze babakhona ubulungiswa kuleli, ikakhulukazi kwabezindaba nezokuxhumana, bathi kusekuningi ukucwasana.

Abanye bathi inkinga wukuthi baphoqwa ukuba baxolele ondlebe zikhanya ilanga ngobandlululo lwabo bengakaze baxolise, yingakho bengaboni lutho olubi ngezenzo zabo, kubika iThe Citizen.

Sharing is caring! Tell your friend