Isikhulu seSABC esimisiwe sesivumile ukushiya

Johannesburg – Isikhulu esibambe njenge-CEO ye-SABC esimisiwe, uJames Aguma, usesalelwe isikhathi esingaphambi kokushaya kwehora lokuqala ngoLwesithathu emini ukuthi afake incwadi yokwesula.

USihlalo wesigcawu sokuqondiswa kwakhe izigwegwe, uTaki Madima, umemezele lokhu ngosuku lwesihlanu lokuqondiswa kwakhe izigwegwe eSandton, entshonalanga neGoli ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Amalungu e-ANC angeneme ngemiyalelo yeqembu awashiye – Mokonyane

U-Aguma ubebhekene namacala angu-10, nokungelokuphula isivumelwano senkontileka yakhe, ukungathembeki kanye nokuvimbezela ukuqhubeka kwesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe kwalowo owayeyi-COO yakwa-SABC nosaxoshwa, uHlaudi Motsoeneng.

NgoLwesibili u-Aguma ukhale ngaphansi esicelweni sakhe sokuthi lesi sigcawu sokuqondiswa kwakhe izigwegwe sibuyiselwe eceleni.

Ummeli ka-Aguma, u-Osborne Molatudi, ube esememezela ukuthi uzofaka isicelo esiphuthumayo eNkantolo yezabaSebenzi ukuze kuhlakazwe lesi sigcawu sokuqondisa izigwegwe, wathi asikho emthethweni.

– News 24

Sharing is caring! Tell your friend