Ababili bakwaNongoma bagwetshwe udilikajele ngelokubulala

Durban – USifiso Nkosinathi Zulu, 21, kanye noKwanele Zulu, 17, balahlwe yicala lokubulala, bagwetshwa udilikajele eNkantolo yeseFunda kwaNongoma.

USifiso ugwetshwe iminyaka engu-25 kanti uKwanele yena ugwetshwe iminyaka engu-15.

Laba balahlwe yicala elenzeka ngomhlaka-3 Meyi 2016 lokunyamalala kukaKhanyisile Caroline Mndlovu, 23, ekhaya kubo eMvulazi, kwaNongoma.

“Ngosuku anyamalala ngalo ebusuku kwatholakala isidumbu sakhe sinamanxeba okugwazwa. Wayegwazwe esihlathini nasentanyeni futhi kubonakala nokuthi unklinyiwe kuqala. Isidumbu sakhe satholakala sinqunu,” kusho amaphoyisa ngesitatiminde.

Kwavulwa icala lokubulala kanti uphenyo lwamaphoyisa yilona olwaholela ekubanjweni kwalaba basolwa ababili.

– News24

Sharing is caring! Tell your friend